Khansela, ahambisane nemithetho nokujutshwa kanye nemithetho yomkhandlu kamasipala futhi ngaso sonke isikhathi ahloniphe ukusebenza komthetho.
Ukumiswa nokuhlehliswa ngoba singahlangani isibalo esifanele.
oqaphe ukuthula kusho noma yimuphi umuntu ohlonzwe njengomuntu oqaphe ukuthula ngokoMthetho woHlelo lobuGebengu, 1977 uMthetho No.
umphakathi kubandakanya nabezindaba futhi kuchaza noma yimuphi umuntu ohlala kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
soMthetho weziNhlaka futhi kubandakanya nanoma yimuphi omunye usomlomo obambile uma ekhethelwe ukwenza imisebenzi kasomlomo.
uMthetho weziNhlaka kusho uMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 1998 uMthetho No.
uMthetho weziNhlelo kusho uMthetho weziNhlelo zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 2000 uMthetho No.
Ubulili nesibalo - Kunoma yimuphi umthetho, ngaphandle uma kuba nezinhloso zokuphikisana, amagama afaka ubulili besilisa ahlanganisa nobulili besifazane futhi amagama asho isibalo esisodwa ahlanganisa izibalo esiningi, futhi amagama asho izibalo esiningi ahlanganisa nesibalo esisodwa.
c yinoma yiliphi inxusa elizokhuluma nomkhandlu noma nekomidi lomkhandlu; kanye d nanoma yisiphi isikhulu sikamasipala.
Noma yikuphi ukuhunyushwa kwale mithetho nemigomo kumele kwenziwe ngokuhambisana nokulawula koMthethosisekelo, komthetho kazwelonke, wesifundazwe kanye nokamasipala, nokubusa komthetho kanye nobulungiswa.
Isinqumo sikasomlomo noma usihlalo mayelana nokuhunyushwa kwale mithetho nemigomo emhlanganweni womkhandlu noma wekomiti lomkhandlu, ngokususela emithethweni 35 no 36, kuyokuba yisinqumo esingujuqu.
Ukuhunyushwa nokunquma kukasomlomo noma usihlalo kunoma yimuphi wale mithetho nemigomo kumele kuqoshwe emaminithini omhlangano womkhandlu noma wekomidi lomkhandlu.
Imenenja kaMasipala kumele igcine irejista yezinqumo kanye nemibono yomthetho.
Noma yiliphi ikhansela lingacela imenenja kamasipala, ngokubhalwe phansi ezinsukwini eziyisihlanu kuthathwe isinqumo esithathwe ngokomthetho 3 , ukuthi lithile incazelo ngokuhunyushwa nangesinqumo nangombiko womkhandlu noma wekomiti lomkhandlu.
Umkhandlu noma ikomiti lomkhandlu ngemuva kokubheka umbiko ngokomthetho 3 kumele uqinisekise, uchibiyele noma ushintshe isinqumo sikasomlomo noma usihlalo, mayelana nanoma yimaphi amalungelo angathinta noma yimuphi umuntu wesithathu ngenxa yokunquma kanye nazo zonke izinqumo ezithinta amalungelo abanye kumele kubhalwe phansi futhi izizathu zalezo zinqumo kumele ziqoshwe.
Umkhandlu kumele ubambe imihlangano ejwayelekile yomkhandlu okungenani kanye ezinyangeni ezintathu.
Yonke imihlangano yomkhandlu naleyo yamakomidi kumele ivuleleke emphakathini, futhi umkhandlu noma ikomidi lomkhandlu lingangashiya ngaphandle umphakathi emhlanganweni, ngaphandle uma umkhandlu noma ikomidi, ngenxa yohlobo lodaba oludingidwayo noma uma ukuvela kwanoma yiluphi udaba kungangaba nokukhunyabeza izinhloso zikamasipala, ubona kunesizathu esizwakalayo sokwenzenjalo ngokuhambisana nemigomo yomphakathi ovulelekile futhi wentando yeningi.
e isinqumo sokungena esivumelwaneni sokuletha izidingo kubantu.
h noma yiluphi olunye udaba olubekwe umthetho.
Imenenja kaMasipala kumele inikeze isaziso emphakathini, ngendlela egunyazwe yisigungu, esisho isikhathi, usuku, nendawo yanoma yimuphi umhlangano ojwayelekile womkhandlu noma wekomiti lomkhandlu kanye nanoma yimuphi umhlangano okhethekile noma ophuthumayo womkhandlu noma wekomidi lomkhandlu, ngaphandle uma isikhathi singavumi ukuthi kwenzeke njalo.
Usomlomo kumele abize imihlangano yomkhandlu, okungenani kane ngonyaka, "ngeSaziso soMhlangano woMkhandlu" esisayindiwe, esisho usuku, indawo nesikhathi somhlangano esihambisana noma esiqukethe uhlelo lwalowo mhlangano ohlongozwayo.
futhi b ezinsukwini ezimbili zekhalenda ngaphambi kosuku lomkhangano ophuthumayo.
kumele abize umhlangano ophuthumayo womkhandlu.
kanye nomthetho 7 (ii) esikhathini esingekho ngaphansi kwezinsuku ezine kusukela osukwini okwamukelwe ngalo isicelo.
i nesaziso sesinyathelo esisayindiwe; futhi ii isitatimende esibhalwe yikhansela elisayinde isaziso sesinyathelo esinikeza izizathu zokuthi kungani udaba oluhloswe ukudingidwa kulowo mhlangano ophuthumayo lubalulekile futhi lungeke lusalinda umhlangano ojwayelekile womkhandlu.
c Ukuhambisana okuphelele nomthetho 7 3a no 7 3b kuchaza ukuthi usomlomo angeke asebenzise ukulawula kwakhe kodwa kumele abize umhlangano.
kuncika ekutheni leyo mininingwane yokuxhumana kumele ithunyelwe yikhansela ngalinye kwimenenja kamasipala ezinsukwini ezimbili emva kokukhethwa kwamakhansela futhi, ngemuva kwalokho, noma nini laphi ikhansela linesifiso sokushintsha noma yiliphi ikheli futhi lelo kheli ikhansela kumele lithole kulo imiyalezo futhi noma lamukele noma yimuphi umyalezo wokuhambela umhlangano kanye nanoma yikuphi ukuhlangana okusemthethweni komkhandlu.
Onke amaphepha ahambisana nanoma yimuphi umhlangano womkhandlu noma ikomidi kumele anikezelwe kuwo wonke amakhansela okungenani kusasele izinsuku ezinhlanu zekhalenda ngaphambi komhlangano womkhandlu noma ikomidi ojwayelekile nezinsuku ezimbili zekhalenda emhlanganweni ophuthumayo womkhandlu noma emhlanganweni ophuthumayo wekomidi.
Wonke amakhansela kumele azise usomlomo nganoma yiluphi uguquko emakhelini awo zingakapheli izinsuku ezintathu lwenzekile.
Ngokomthetho 5 3, isaziso sokuhambela umhlangano kumele sihlonywe ebhodini eligcina izaziso zomphakathi likamasipala.
Ikhansela lingacela uphenyo mayelana nokusazitholi isaziso sokuhambela umhlangano.
Ukungasitholi isaziso sokuhambela umhlangano ngeke nakancane siphazamise ukubaluleka kwanoma yimuphi umhlangano noma ukuqhubeka komkhandlu noma elinye lamakomidi awo.
b Ngokwesibalo esilingene sokubamba umhlangano, ukwehluleka kwanoma yiliphio ikhansela ukuvota akumele kumise ukuqhubeka komhlangano womkhandlu.
b Ngokwesibalo esilingene, ukwehluleka kwanoma yiliphi ikhansela ukuvota akumele kumise ukuqhubeka komhlangano wekomidi.
Angeke ube khona umhlangano, uma singekho isibalo esilingene sekwedlule imizuzu eyishumi nanhlanu esikhathini ebesibekelwe ukuqala komhlangano, ngaphandle uma amakhansela akhona evumelana ngazwi linye ekutheni kwengezwe isikhathi kodwa esingeqi emizuzwini eyishumi nanhlanu, uma isibalo esilingene singahlangani, umhlangano kumele umiswe.
d Uma isibalo esifanele singahlangani ngemuva kokuhlehliswa usomlomo noma usihlalo kumele ngalokho bawuhlehlise umhlangano.
Uma umhlangano uhlehliswa ngenxa yokuthi asihlangana isibalo esifanele, umhlangano kumele uphinde ubanjwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.
a ligunyaziwe ukuba liphuthe ngokomthetho 13; noma b lelo khansela licelwa ukuba lihoxe ngokomthetho 462; noma c ngemvume kusomlomo noma kusihlalo.
Ikhansela ngalinye elihambele noma yimuphi umhlangano womkhandlu noma wekomidi lomkhandlu kumele lisayine kwirejista yokubhalisa abakhona ohlinzekelwe lokho.
Irejista yabakhona kumele ihlale ehhovisi lemenenja kaMasipala.
Noma yiliphi ikhansela elivumeleke ukuba liphuthe ngokomthetho 13 kodwa elingasadingi lokho kwephula lingawuhambela umhlangano ebelinikezwe ukuba liphuthe kuwo futhi lisayinde kwirejista yokubhalisa abakhona.
Imvume yokuphutha ngeke inikezwe ngendlela yokuthi kugcine kungaseneli isibalo esanele sabantu okumele babe khona.
a lingakwazi ukuhambela umhlangano yize noma lanikwa isaziso; noma b lingakwazi ukuqhubeka nokuhlala emhlanganweni; noma c lifika sekwedlule isikhathi ebesinqunyiwe somhlangano, ngokushesha nangemuva kwalowo mhlangano, liyofika isicelo esibhaliwe kwimeneja kamasipala sokuphutha kuwo wonke umhlangano noma engxenyeni ethile yomhlangano ethintekayo, leso sicelo kumele sihlinzeke izizathu ezizwakalayo neziqondakalayo zesicelo futhi lisho imbangela ezwakalayo yaleso sicelo.
Imenenja kamasipala kumele yazise usomlomo noma usihlalo othintekayo womhlangano ngokushesha mayelana nomhlangano nangesicelo sokuphutha asitholile.
Usomlomo noma usihlalo womhlangano kufanele ngokushesha asibheke isicelo sokungaphumeleli ebese enikeza noma enqabele isicelo ngezizathu futhi azise imenenja kamasipala ngesinqumo sakhe.
a lehlulekile ukuhambela umhlangano; noma b ehlulekile ukuhlala emhlanganweni.
a ngaphandle ngokunikezwa imvume yokwenze njalo; noma b lihambe ngaphandle kokuthola imvume yokuphutha kusomlomo noma usihlalo ungakapheli umhlangano, isikhathi elihambe ngaso kufanele siqoshwe emaminithini futhi kufanele lelo khansela lithathwe njengomuntu ophuthe ngaphandle kwemvume emhlanganweni.
Lapho ikhansela lifika sekudlule isikhathi emhlanganweni, ngaphandle kokuthola imvume, isikhathi sokufika nezizathu zokungasigcini isikhathi kufanele ziqoshwe emaminithini omhlangano bese ikhansela liqhubeka nokuba semhlanganweni futhi lisayine irejista yokuba semhlanganweni ngokomthetho 12.
Ukungezi kabili noma ngaphezulu emihlanganweni elandelanayo yomkhandlu noma yekomidi kumele kuthathelwe izinyathelo ngumkhandlu noma ikomidi eliphathelene elifanele.
Ngokulandelwa kohlelo olubekwe kumthetho 13, ikhansela elingekho ngaphandle kwesizathu esibonakalayo emhlanganweni, ebelinikeziwe isaziso sawo, kufanele likhokhe inhlawulo elingana nomholo wesonto elilodwa, kufanele lenhlawulo iphume eholweni lalelo khansela elithintekayo.
bathole ukuthi ikhansela belingekho ngesizathu esibalulekile yini noma cha.
Imenenja kamasipala kufanele igcine amarekhodi azo zonke izigameko lapho amakhansela abetholwa ephuthile noma ethathwa njengaphuthe ngaphandle kwemvume futhi ngaphandle kwesizathu esizwakalayo futhi ithumeleumbiko obhaliwe umbiko kusomlomo noma yinini lapho ikhansela litholakala liphuthile emhlanganweni emithathu noma ngaphezulu elandelanayo ebekufanele liyihambele.
Ngokomthetho 11 , umhlangano womkhandlu noma wekomiti.
kudlule lowo mhlangano.
Sikhishwe ngokomthetho 8.
Alukho udaba okumele ludluliselwe ukuQhutshwa emhlanganweni oqhutshwayo ngaphandle uma kucacisiwe esazisweni somhlangano, ohlehlisiwe.
Kuyo yonke imihlangano yomkhandlu, usomlomo, noma uma ephuthile, obambe njengosomlomo, uyoba ngusihlalo futhi uyokwenza imisebenzi ebekwe ngokwesigaba 37 soMthetho weziNhlaka futhi kumele aqinisekise ukuthi ikhansela ngalinye uma lithatha isikhundla linikezwa ikhophi yale mithetho nemigomo yeNdlela yokuziPhatha.
Uma usomlomo noma usihlalo womkhandlu noma wekomidi lomkhandlu bephuthile noma bengekho ukuzokwenza imisebenzi kasomlomo noma usihlalo, noma kunesikhala somsebenzi umkhandlu noma ikomidi ngokuholwa yimenenja kamasipala noma okhethwe yiyo kufanele likhethe elinye ikhansela ukumela usomlomo noma usihlalo.
Awukho umhlangano womkhandlu noma ikomidi lomkhandlu ongaqala noma ongaqhubeka ngaphandle uma ulawulwa ngusomlomo noma ngusihlalo.
Amaminithi avunyiwe ayo yonke imihlangano yomkhandlu noma yekomidi ngaphandle kweyangaphakathi kufanele atholakale emphakathini.
Lapho imenenja kamasipala ibona ukuthi isinqumo noma ukuqhubeka komhlangano womkhandlu noma wekomidi kungenzeka ukuthi kuphula noma yimuphi umthetho noma umthetho kamasipala, kufanele azise umkhandlu noma ikomidi ngendlela efanele futhi imininingwane ephelele yalowo mbono iqoshwe kumaminithi.
i imibuzo ngesaziso esikhishiwe; kanye j okuvuka emaminithini okuphuthumayo.
Usomlomo noma usihlalo ngokucabanga kwakhe nganoma yisiphi isikhathi angaletha noma iluphi udaba olusohlelweni lomhlangano.
Amaminithi ayo yonke imihlangano kufanele avunywe emhlanganweni ojwayelekile olandelayo womkhandlu noma wekomiti futhi kufanele usomlomo noma usihlalo awasayine.
Akukho okwenziwayo noma okuxoxwayo ngamaminithi adlule ngaphandle kokuhambisana nobuqiniso bawo.
Isithunywa esifisa ukukhuluma nekomiti noma umkhandlu kufanele silethe incwadi kwimenenja kamasipala echazayo ukuthi ufisa ukuthini.
Imenenja kamasipala kufanele ilethe isicelo emkhandlwini noma ekomidini lomkhandlu elizokwamukela isithunywa.
Noma yini edinga ukubhekwa esicelweni sesithunywa akufanele iqhubeke nokubhekwa ngumkhandlu noma yikomidi kuze kube isithunywa siyahoxa kuncika ekutheni ukucela ukucaciselwa kungavumeleka.
Ilungu lomphakathi ngaphandle kwesithunywa, elifisa ukukhuluma emhlanganweni womkhandlu noma wekomidi, kufanele lithole imvume yokwenze njalo kusomlomo noma usihlalo ngaphambi kokuthi umhlangano uqale.
Uma ilungu lomphakathi noma isithunywa sikhuluma emhlanganweni, kufanele silandele noma iyiphi imigomo noma imithetho noma iziqondiso okuzoshiwo usomlomo noma usihlalo.
Uma ilungu lomphakathi noma isithunywa siziphatha ngendlela engafanele, usomlomo noma usihlalo angakhipha isinqumo sokuthi lelo lungu liphume noma likhishwe yiPhoyisa loMthetho emhlanganweni.
no 21 bangathweswa icala bahlawuliswe noma bagwetshwe isikhathi ezingeqile enyangeni eyodwa noma kokubili.
Noma imuphi umbiko olethwe emkhandlwini noma ekomidini lomkhandlu ngaphandle kombiko omukelwe usomlomo noma usihlalo njengophuthumayo, kufanele unikezelwe kumakhansela ngokomthetho 8.
Usomlomo noma usihlalo kufanele avumele inkulumompikiswano ngokuhambisana nesahluko 10 kunoma yimuphi umbiko olethwe emkhandlwini noma ekomidini, emhlanganweni lapho lombiko ufakwe futhi uma inkulumompikiswano ingapheli, noma engenzeki ngenxa yanoma yisiphi izizathu, inkulumompikiswano kumele ibanjwe, emhlanganweni olandelayo.
b sisayinwe ikhansela elisilethile futhi sisayinwe elinye ikhansela elivumelana nalo; futhi c sikhulume ngento eyodwa kuphela.
Isaziso ngesicelo kufanele sifakwe kwimenenja kamasipala ngaphambi kwehora le 12h00; kusasele izinsuku eziyisikhombisa kube nomhlangano uma kungabanga njalo isaziso siyothulwa komunye umhlangano.
c ifake saziso sesicelo ngasinye ohlelweni ngendlela ezifike ngayo.
c abize labo bafaki bezicelo eziphikisiwe ngokohlelo abavela ngalo ohlelweni lomhlangano.
Ikhansela elidlulisa isicelo lingakudlulisa leso sicelo futhi linelungelo lokuthola impendulo.
Isicelo siyoqedwa uma ikhansela elisifakile noma osivumele kade engekho emhlanganweni ozoba nenkulumompikiswano.
Ikhansela akufanele livunyelwe ukuletha izaziso zezicelo ezintathu ohlelweni olulodwa.
Usomlomo noma usihlalo akufanele anqabe isicelo asitholile ngokwale mithetho.
Ikhansela lingabuza umbuzo odinga impendulo ebhalwe phansi kunoma ubani kungaba usopolitiki noma isisebenzi sasemahhovisi kamasipala, mayelana nanoma ngani ehlanganise ukuthi yini engenza ngcono ukusebenza kwezinto zikamasipala nokusebenza kwamandla kamasipala, kuncike ekuthenii isaziso esibhalwe phansi sombuzo sazisiwe usomlomo noma usihlalo noma imenenja kamasipalaezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi komhlangano womkhandlu noma wekomidi futhi imenenja kamasipala kumele iqinisekise ukuthi ikhansela lithola impendulo ebhalwe phansi iphuma kosopolitiki noma osebenzela umasipala emhlanganweni womkhandlu noma wekomidi.
Uma emva kokuba umbuzo usuphenduliwe, ikhansela libona ukuthi impendulo ayicacile futhi ijijekile, ngemvume kasomlomo noma usihlalo angacela ukuthi alandelise ngomunye umbuzo.
Alikho ikhansela okufanele libuze noma lixoxisane nanoma yimuphi umsebenzi wasehhovisini lokuphatha likamasipala mayelana nezindaba zikamasipala ngaphandle uma libuza njengelungu lomphakathi elinelungelo lokwazi.
Ikhansela lingabuza noma lixhumane nemenenja kamasipala nanoma yiyiphi inhloko yomnyango noma umsebenzi wezokuphathwa kukamasipala obekwe imenenja ukuthi enze lowo msebenzi noma yinhloko yomnyango ethintekayo ngenxa yalokhu, ukuze likwazi ukuthola lolo lwazi uma ludingeka ekwenzeni umsebenzi kahle njengekhansela.
Izindaba ezejwayelekile eziphuthumayo kufanele zingabekwa ohlelweni lomhlangano yimenenja kamasipala noma elinye ilungu lomkhandlu ngemvume kasomlomo noma usihlalo, leyo mvume akumele inqatshelwe ngaphandle kwesizathu.
Ngaphambi kokuthi kwamukelwe, ikhansela kufanele linikwe isikhathi esanele ukuthi libheke futhi lamukele yonke imibiko elethiwe kumkhandlu.
Uma amakhansela amaningi akhona efinyelela esivumelwaneni, utolika angasetshenziswa emhlanganweni womkhandlu kanye nowamakomidi omkhandlu.
Ngokomthetho 5, umkhandlu noma ikomidi lomkhandlu noma nini lingavumelana ngokuqhuba ikomidi langaphankathi.
Umphakathi awuvumelekile kwimihlangano yekomidi langaphakathi.
Imenenja kamasipala noma ubani oshiywe ngaphandle kulo mthetho ngusomlomo noma usihlalo akufanele bashiywe ngaphandle kule mihlangano yekomidi langaphakathi.
Konke okuqhubekayo kwimihlangano yekomidi langaphakathi kufanele ngokomthetho 18 no 18 kuqoshwe futhi kube yimfihlo.
Kufanele kube nabantu abalingene ukuze bakwazi ukuvota.
kanye f nanoma yini okufanele yenziwe ebekwe.
Yonke eminye imibuzo elethwe kumkhandlu inqunywe ngokweningi lamavoti enziwe amakhansela akhona.
Uma kwenzeka amavoti elingana; usomlomo noma usihlalo angafaka ivoti elizothatha isinqumo avote njengekhansela, kuncika ekutheni usomlomo noma usihlalo akumele afake ivoti elizoba isinqumo okhethweni lomuntu ozosebenza ehhovisi lomkhandlu.
Kufanele kuvotwe ngokuthi kuphakanyiswe izandla ngaphandle uma umthetho usho okunye, noma umkhandlu noma ikomiti ngokuvumelana neningi lamakhansela ungaxazulula ngokuthi uvumelane ngokufaka ivoti elibhaliwe eliyimfihlo.
Ngesikhathi sokuvota alikho ikhansela elivunyelwe ukuphuma lapho kuvotwa khona.
Imenenja kamasipala noma okhethwe yiyo kufanele abale amavoti angenile bese eqopha imiphumela kodwa usomlomo noma usihlalo kuphela ozomemezela imiphumela.
Ikhansela lingafaka isicelo sokuthi ivoti lalo liqoshwe njengobufakazi bokuthi livote kanjani.
Imvume yokuvuselela noma ukushintsha isinqumo somkhandlu ayinikezwa nanoma ubani futhi nanoma iliphi ikomidi.
Noma yikuphi ukuchithwa noma ukushintshwa kwesinqumo somkhandlu kufanele kwenziwe ngokomthetho 29 (e).
Imvume yokuchitha noma ukushintsha isinqumo sekomidi lomkhandlu akufanele inikezwe noma ubani.
Isaziso ngenhloso yokuhambisa isicelo sokuchitha noma sokushintsha isinqumo sekomidi lomkhandlu kufanele sinikezwe.
Ukuchithwa noma ukushintshwa kwesinqumo sekomiti lomkhandlu kufanele sivunyelwe iningi lamalungu alelo komidi.
Ikhansela lingakhuluma kuphela uma kusho usomlomo noma usihlalo.
Ikhansela lingakhombisa ukuthi lifuna ukukhuluma ngokuthi liphakamise isandla bese lilinda ukuyalelwa ngusomlomo noma ngusihlalo; lelo thuba akumele linqatshelwe.
Amakhansela nezikhulu kufanele asukume uma ekhuluma futhi inkulumo iqondiswe kusomlomo noma usihlalo.
Zonke izikhulumi kufanele zikhulume ngalokho okusuke kukhulunywa ngakho.
Ngaphandle kokwethulwa kombiko wemeya, noma ukuvezwa kokungena nokusebenza kwezimali, ayikho inkulumo okufanele idlule amaminithi amahlanu ngobude, kungenzeka kuphela uma imvume ikhishwe usomlomo noma usihlalo.
Ikhansela akufanele likhulume kabili kunoma yisiphi isicelo ngaphandle uma imvume ikhishwe usomlomo noma usihlalo kuncika ekutheni ohambisa isicelo angakhuluma kuleso sicelo, kunelungelo lokuphendula futhi impendulo kumele kumele ihambisane nokuphendula izikhulumi ebezibuza futhi ingafaki lutho olusha kuleyo nkulumompikiswano.
Lapho usomlomo noma usihlalo esukuma ngesikhathi senkulumompikiswano, noma yiliphi ikhansela elikhulumayo noma elizama ukukhuluma kufanele lihlale phansi lithule khona usomlomo noma usihlalo ezozwakala ngaphandle kokuphazanyiswa.
Noma yiliphi ikhansela lingabuyisela endleleni umhlangano osunhlanhlatha ngokuthi lisukume khona lizodonsa amehlo kasomlomo noma usihlalo.
Ukubuyisela endleleni kubaluleke kakhulu emhlanganweni futhi usomlomo noma usihlalo kufanele avumele ngokushesha ikhansela eliza nombono wokubuyiselwa endleleni futhi anqume ngokufanele.
Isinqumo sikasomlomo noma usihlalo sokubuyisela endleleni singujuqu futhi asivulelwe ukudingidwa.
Noma yiliphi ikhansela lingachaza, kuncika ekutheni leyo ncazelo iwusizo enkulumweni ebingazwakalanga kahle.
e bangasebenzisi ulimi oluqosheme noma olungamukelekile; futhi f bangasebenzisi amaselula noma baphathe izibhamu noma ezinye izikhali eziyingozi emhlanganweni womkhandlu noma elinye lamakomidi awo.
Usomlomo angatshela ikhansela ukuthi alihoxise noma lixolise uma kukhona elikushilo noma elikwenzile okuyindelelo.
Uma ikhansela noma amakhansela engaziphathi ngendlela emhlanganweni womkhandlu noma wanoma yiliphi ikomidi lawo, usomlomo angasho ekhanseleni noma emakhanseleni ukuthi abaziphathe ngendlela noma bahlale phansi futhi, uma bekhuluma, bayeke ukukhuluma.
Esimweni lapho sokugoloza noma ukunganaki iziqondiso zikasomlomo, usomlomo angatshela lelo khansela noma lawo makhansela ukuthi awushiye umhlangano noma ahoxe emhlanganweni kuze kube lolo daba oludingidwayo luyaphothulwa.
Esimweni lapho ukuziphatha kabi kwekhansela noma amakhansela kulimaza ukuqhubeka komkhandlu noma ikomidi usomlomo noma usihlalo kufanele ahlehlise umhlangano kuthi lokho kuziphatha budlabha kwekhansela noma amakhansela kubhekwane nakho ngokwemithetho nemigomo emile yeNqubo yokuziphatha.
Enyangeni noma kokubili.
Umkhandlu kamasipala ngesinqumo seningi lamakhansela ungasungula ikomidi elikhethekile elaziwa ngeKomidi lemiThetho elizophenya ngabaphula imithetho yeNqubo yokuziPhatha, kubandakanya unswinyo ngokuphutha emhlanganweni futhi beze izincomo mayelana nanoma iyiphi into emayelana neMithetho nemoGomo.
IKomidi leMithetho kufanele libe nosomlomo, usodolobha, neLungu ngalinye elimele iqembu ngalinye lezepolitiki emkhandlwini; labo abamele ezepolitiki bayokhethwa amaqembu abo ngezikhathi ezithile.
Noma yiliphi ikomidi lomkhandlu kufanele lizibekele imithetho yawo azoyilandela kodwa ngokuqondiswa umkhandlu kanye nale mithetho nemigomo.
Isahluko 10 sale mithetho nemigomo singathanjiswa usihlalo wekomidi ukuze sifake ukuzibandakanya okufanele nokunemiphumela, kuncika ekutheni usihlalongokubona kwakhe, angasebenzisa noma imuphi umthetho kulena equkethwe kwisahluko 10.
a abengusihlalo kuyo yonke imihlangano yekomiti uma ekhona; futhi b abe nelungelo lokuvota kusaqalwa futhi uma amavoti elingana ekwengezeni ivoti lakhe elingujuqu, anganika ivoti lesibili noma ivoti elithatha isinqumo.
Uma engekho, obambile noma isekela likasihlalo lizoba namandla namalungelo okuvota afanayo nakasihlalo.
Ikhansela kumele liveze emkhandlwini kamasipala, nom kunoma yiliphi ikomiti elilungu lalo, uma kukhona ibhizinisi elinalo lelo khansela, uwakwalo, umlingani noma elisebenzisana naye ebhizinisini lelo khansela elinalo phambi komkhandlu noma kwekomidi.
Ikhansela eliphumela obala kumele lihoxe kokuqhubekayo emkhandlwini noma noma ekomidini ngaphandle uma umkhandlu ubone ukuthi ukuthinteka kwalo kulelo bhizinisi akushayisani nemisebenzi yawo.
Ikhansela noma uwakwalo, umlingani walo, umlingani noma elisebenzisana naye ebhizinisini noma ilungu lomndeni walo ethola noma engase athole umhlomulo ngenkontileka nomasipala, kumele liveze imininingwane ephelele yokuhlomula ikhansela elikwaziyo emhlanganweni wokuqala womkhandlu lapho kungakwazi ukuthi ikhansela likuveze.
akusebenzi ekuhlomuleni ikhansela uwakwalo, umlingani walo, umlingani noma elisebenzisana naye ebhizinisini noma ilungu elisondelene lomndeni , elisokuthola ngokufanayo nezinye izakhamizi zomphakathi.
Noma yiliphi ikhansela elihluleka noma elenqaba ukuhlonipha noma yimiphi imithetho nemigomo, nanoma yisiphi esinye isinqumo esithathwe yisigungu engazithola enecala lokwephula iNqubo yokuziPhatha.
Lezi mithetho nemigomo kumele yemukelwe njengemithetho kamasipala.
Imithetho ekhona yomkhandlu mayelana nale mithetho nemigomo ngalokhu iyaqedwa.
Le mithetho nemigomo emile iyobizwa ngeMithetho ngeMigomo eMile kaMasipala, 200... futhi iyoqala ukusebenza ngomhla...
